Click here for English version
UDkt Perisamy Neelaphithambaran Govender, owaziwa ngelika-PN kubangani bakhe, usanda kuhlonishwa yi-South African Medical Association (SAMA) ngendondo Yezamalungelo abantu lapho bekubongwa igalelo lakhe elikhulu abe nalo emsebenzini wakhe nasemphakathini.
Lo owayengumfundi wase-UKZN oneminyaka engama-88 yobudala uklonyeliswe ngendondo i-Medal of Transformation, Equity and Justice nguNgqongqoshe WezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, naye owayengumfundi wase-UKZN, emcimbini ophambili obubanjelwe e-Sun City.
‘Njalo eminyakeni emibili, kuba nekhwelo elibhekiswa kodokotela lokuthi kuqokwe ozakwabo abababona benegalelo elikhulu emkhakheni wabo, emphakathini noma ku-SAMA,’ kusho uDkt Mzukisi Grootboom, uSihlalo Kazwelonke we-SAMA. ‘Kulo nyaka, njengeminye iminyaka, ikomidi lezeMfundo, iSayensi, nobuChwepheshe belinomsebenzi onzima wokudingida ngabaqokiwe abaseqophelweni eliphezulu. Indlela yokuhlungela indondo ye-Medal of Transformation, Equity and Justice ibandakanya ukuba yisishoshovu sezoguquko, ubulungiswa nokulingana. Oqokiwe kumele akhombise ukukhankasela izinguquko ezifanele emkhakheni wezokwelapha, amathuba alinganayo ngokobuhlanga namazinga empilo angafani, ezokufunda, izimboni, izinhlaka zikahulumeni kanye nomphakathi. Lo muntu angaba osebenzela ukulingana kwendlela yokuhlinzekwa kwezidingo zezokwelapha nezempilo ikakhulukazi kwabampofu, abaswele, abantulayo kanye nabakhubazekile,’ kusho u-Grootboom.
U-Govender waphothula iziqu ze-MBChB eNyuvesi Yase-Natal (manje esiyi-UKZN) ngonyaka we-1964. Wasebenza emkhakheni wezokuBelethisa Nowesayensi Yezifo Zabesifazane esibhedlela i-King Edward VIII Hospital ngonyaka we-1967, waxoshelwa ukuhola umbhikisho owawubhekiswe emaholweni ayengalingani ngobuhlanga. Waqala ukusebenza njengodokotela womndeni eningizimu neTheku. Ngonyaka we-1968 washiya ku- Medical Association of South Africa (MASA) waziqalela i-Medical Guild eThekwini. Ngonyaka we -1972, wakhankasa elwisana nobandlululo emkhandlwini i-South African Medical and Dental Council. Waba neqhaza elikhulu ekuvimbeleni ukukhishwa kwabafundi abamnyama eNyuvesi Yase-Natal kusukela ngonyaka we – 1973 kuya kowe-1975. Ngokusebenzisana nosolwazi Jerry Coovadia no-Walter Loening, wakwazi ukusungula i-National Medical and Dental Association (NAMDA), eyayiphikisa i-MASA kusukela ngonyaka we- 1978 kuya kowe-1983. Waba negalelo elikhulu ekuhleleleni ukungena kweNAMDA ngaphansi kwe-United Democratic Front futhi aphinde avikele amalungelo odokotela abazimele okukhipha imithi.
Wathola iziqu zakhe zeMastazi Kwezokwelashwa Komndeni (M.Prax Med) eNyuvesi Yase-Natal ngonyaka we-1986 kanye ne-Fellowship of the College of Family Physicians ngonyaka wezi-2006. Usebenze njengothisha ovakashile Kwezokwelashwa Kwemindeni ngeminyaka ye-1990. Ngonyaka we-1987, waba nesandla ekuhlanganisweni kwezinhlangano zodokotela ezihlukene. Wayesebenza kakhulu kwezepolitiki yezokwelapha futhi eyilungu le-NAMDA, Society of Dispensing Family Practitioners kanye ne-National Medical and Dental Forum.
Ngonyaka we-1998, u-Govender wathatha isinqumo sokuba yingxenye yomkhankaso wobumbano ku-SAMA futhi waba neqhaza elikhulu ekuletheni ubumbano emkhakheni. Usebenze ebhodini yabaqondisi ye-SAMA kusukela ngonyaka we-1998 kuya kowezi-2009 futhi waba uMengameli we-SAMA kusukela ngonyaka wezi-2003-2004. Wakhethwa ekomidini lenhlangano elalibhekene neZemfundo, iSayensi noBuChwepheshe (EST) kusukela ngonyaka we-1998 kuya kowezi-2003 futhi ewuqweqwe lukasihlalo wekomidi le-EST. Wahola imashi eyayibhekiswe ephalamende ngonyaka wezi-2004 lapho kwakukhalwa ngokuntuleka kwama-ARVs ezigulini zasezibhedlela zikahulumeni. Ngaphansi kobuholi bakhe, izindondo ama-Merit Awards zabuyiselwa futhi ku-SAMA ngowezi-2004. Usesebenze emakomidini omkhandlu i-Health Professions Council of South Africa.
Ngonyaka wezi-2015, ngemali yakhe, wasungula inkambu yezokwelapha e-Chatsworth, lapho kwakuhlinzekwa ngokwelashwa kwababeyizisulu zodlame lobuzwe.
Ngale kwezempilo, uyisifundiswa sezemibhalo yesiNgisi, ubunzululwazi nomlando wamaNdiya kanti useke wangena nasekubhaleni. Usebhale izincwadi ezimbalwa phakathi kwazo okubalwa nethi-Beyond the Stethoscope – Case Book of a Township Doctor.
Eminyakeni engama-88, usaqhubeka nokusebenzela umphakathi wakhe.
Amagama: ngu-Mergan Naidoo