Click here for the English version
Ngesikhathi engumfundi, uPamela Sithole ubenza izifundo zakhe eNyuvesi yaKwaZulu-Natal eSikoleni Sezifundo Zokwelapha i-Nelson R Mandela futhi esebenza njengomsizi wasekhaya. Ukusebenza kwakhe kanzima kube nomphumela omuhle ngenkathi ephothula iziqu zakhe ngokuphuma phambili emkhakheni Wesayensi Yezesikhumba.
‘Bengihlale ngisebenza kanzima kodwa bengingakholwa ukuthi ngiphume phambili. Ngiyaziqhenya ngokuphumelela kwami yize noma bengibhekene nezinselelo eziningi ngisafunda esikoleni sezokwelapha,’ kusho uSithole obephuphuma intokozo emva kokuthweswa iziqu.
UPamela owase-Phoenix futhi usohlelweni lokuqeqeshwa esibhedlela i-Helen Joseph ne-Rahima Moosa Mother and Child Hospitals eGoli.
Uthe ubesebenza njalo uma enesikhathi futhi esebenzisa iholo lakhe ukuze athenge izidingo ezifana nezingubo nokokugcoba. Uma ontanga bakhe beya emaholidini sekuvalwe izikole, uPamela wayechitha amaholidi akhe esebenza kumqashi wakhe, u-Val Shirley.
USithole oneminyaka engama-25 ukhulele emndenini wabane lapho bebekhuliswa umama ohlukanisile. Abanye abantwana bakubo baphoqeleka ukuthi basebenze ukuze bondle umndeni ngoba nomama wabo ubesebenza imisebenzi engatheni.
Exoxa ngomlando wakhe, uthe ukuzithoba kwakhe okumenze ukuthi enze umsebenzi abanye abawubukela phansi. Wayezazi ukuthi ufunani, wayefuna into ezomenza azizwe engumuntu ophilile futhi owenza umehluko, futhi into eyayizofeza iphupho lakhe kwakuwukuba udokotela.
‘Ungakubukeli phansi ukuqala ngokuphila ungenalutho olutheni. Kodwa ungakuvumeli ukuthi kukhombe lapho uzobe ukhona eminyakeni emihlanu noma eyi-10 kusukela manje. NgoNkulunkulu konke kuyenzeka,’ egcizelela.
Amagama: u-Lihle Sosibo